Isithombe sicashunwe kwi-video Sibonelo Ngcobo
UMPHATHISWA emnyangweni wezokuBusa ngokuBambizana neziNdaba Zomdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi kulindeleke ukuthi ahambele eLamontville emini namhlanje ukuhlola isimo kulandela ukubhubha kwabahlanu abamuke namanzi yakule ndawo ngoLwesibili ebusuku.
Abezimo eziphuthumayo babizelwe eLamontville ngezintatha, ngemibiko yabantu abahlanu abamuke namanzi kule ndawo. UNtombikhona Mhlongo osindele ngesikhathi umama wakhe, umakhelwane nezingane zakamakhelwane zimuka namanzi utshele abezindaba ukuthi bebebheke ukuthi amanzi azoqhamuka ngasemfuleni kodwa aqhamuka ngasemseleni, nokuyinto ebafake kwenkulu ingcindezi bezama ukuwelela ngaphesheya komgwaqo endaweni ephakeme.
“Umama no-Anti abakwazanga ukubambelela ezihlahleni ngoba badala futhi amanzi ebeza mawala esefika ngasemqaleni, sibabuke bemuka nezingane ezintathu. Nathi besizomuka ukube akufikanga abafana bendawo basidonsa ngentambo, sasinda kanjalo,” kusho yena.
Izidumbu zalaba zitholakale emabhishi amabili ahlukene, esisodwa sitholwe e-Ansteys Beach, esinye satholakala eBrighton Beach (owesifazane), izingane ezimbili okungumfana nentombazane zona zitholakale eCuttings Beach ngaseMerebank. Besingakaqinisekiswa esowesifazane oneminyaka engu-60 omuke nalaba.
Yize sisikhulu isililo kule ndawo, kodwa iLamontville akuyona yodwa ekhahlamezekile ngenxa yemvula, umnyango kaCogta uthi amathimba ezinhlekelele ahlonze nalezi zindawo njengezikhungathekile eningizimu yesifundazwe.
* N2 Murchison
* Umbango Bridge
* Kwangwabe
* Grace Low Level Bridge
* Beach Garage
* Nkongweni Bridge eMargate
* OK Foods nePharmacy (Margate)
Related Topics: