UTHELA izithelo ezinhle umkhankaso wenhlangano kazwelonke yokusebenza nezobunhloli (i-NATJOINTS) I-Energy Safety and Security Workstream wokulwa nobugebengu bokucekela phansi ukusebenza kwe-Eskom.
Umsolwa oboshwe ngesikhathi amaphoyisa aphume umkhankaso wokuzingela abacekela phansi impahla ka-Eskom, eTshwane.
Image: SAPS
NgoLwesihlanu, leli thimba elikhandwa amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene zeSAPS, abaphenyi kanye nochwepheshe bomsebenzi bakwa-Eskom banikele eWinterveldt kulandela ukulunywa indlebe ngobugebengu obuqhubekayo bokuxhunywa kukagesii ngokungemthetho kule ndawo.
Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni ehlonziwe, athole umsolwa wesilisa oneminyaka engu-37 ubudala ephethe i-transformer yakwa-Eskom nezinye izinsizakusebenza zikagesi. Amaphoyisa ashaqe ama-transformer akwa-Eskom angu-28 enani elilinganiselwa ku-R1.7 million. Lolu phenyo lubuye lwaveza ukuthi kunama-transformer angu-27 axhunywe ngokungemthetho ezindaweni ezahlukene kuleli lokishi.
Izinsizakusebenza ezitholakale kowesilisa oboshwe ngesikhathi etholakala ne-transformer yakwa-Eskom.
Image: SAPS
Umsolwa ubekwe amacala okweba nokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile, kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseRietgat ngesonto elizayo.
Related Topics: